Owesifazane utholwe ebulewe kanti ubuso bakhe bebugcotshwe ngomlotha
Owesifazane osemncane, olinganiselwa eminyakeni ephakathi kuka-18 no-20 ubudala, ubuso bakhe bebugcotshwe ngomlotha omnyama, utholwe eshonile emagcekeni aseMatekereng ngaseGa Hlahla eLimpopo, ngempelasonto edlule.
Amalungu omphakathi abike ukuthi intombazane igcine ukubonakala ihamba emgwaqweni u-R521 ngoMgqibelo kusihlwa noma endaweni yokucima ukoma ebizwa ngokuthi ku-011.
Izakhamuzi zihlangane ngobuningi bazo ngoMsombuluko, zilindele ukufika kwamaphoyisa azophenya ngalesi sigameko.



Thumela amazwana