Umnikazi wamatekisi, 51, udutshulwe wabulawa eWaterloo, eThekwini.
Kudutshulwe kwabulawa umnikazi wamatekisi oneminyaka engu-51 ubudala ekhoneni likaPython Road noPricklepear Road eWaterloo - KZN, ekuseni namhlanje (ngoLwesihlanu).
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) athunyelwe ngokushesha endaweni yesigameko ngezithuba zabo-06:51 ekuseni. Ekufikeni kwabo, amaReaction Officers athola amaphoyisa aseVerulam aseKZN ekhona.
Ngokusho kofakazi, umufi ubekade emi ekhoneni, elindele ulift, ngesikhathi kuqhamuka abasolwa ababili abangaziwa behamba ngezinyawo bavulela ngenhlamvu.
Umufi ubenamanxeba amaningi okudutshulwa ebusweni, ekhanda, emahlombe nasemhlane. Amagobolondo amaningana asetshenziswe i-9mm atholwe endaweni yesigameko. Imbangela yokudubula ayikaziwa.
Yize kukholakala ukuthi abasolwa babaleke ngezinyawo kodwa lokhu akukakaqinisekiswa.

Thumela amazwana