Intombazane yase Bergville yaxoshwa ekhaya kusanda kushona ugogo wayo, kwathiwa iyofuna ikubo

Icela usizo intombazane yase Bergville eyaxoshwa ekhaya kusanda kushona ugogo wayo, kwathiwa iyofuna ikubo

Ngibhala lokhu ngenhliziyo ebuhlungu, ngicela usizo emphakathini. Ngiyintombazane esencane, angisenabo abazali. Ngakhuliswa ugogo wami, kodwa naye washona. Ngemuva kwalokho ngasala ngingenandawo yokuhlala, ngaxoshwa kwathiwa angiyofuna ikithi.

Ngathola umuntu owangisiza wangibuyisela esikoleni. Njengamanje ngenza uGrade 11 eBergville, kodwa impilo inzima. Kunzima ukukhokha irenti, ukuthola imali yokugibela, kanye nezimpahla zesikole ezifana nejezi.


Umuntu obengisiza (boyfriend) okwamanje akasasebenzi, okwenza isimo sibe nzima kakhulu. Ngiyesaba ukungaqedi isikole ngenxa yezimo zami.


Ngiyacela kunoma ngubani ongangisiza:


* Nendawo yokuhlala yesikhashana

* Usizo lwezimpahla zesikole

* Noma noma yiluphi uxhaso olungangisiza ngiqede imfundo yami


Ngifisa nje ukuqeda isikole ngizimele empilweni. Ngiyacela, uma kukhona ongakwazi ukusiza noma ongixhumanisa nenhlangano esiza izingane eziswele, ngicela ningithinte.


Ngiyabonga kakhulu. 🙏



Post a Comment

Okushanyana Okudadlana