Owesifazane Ugwazwe Wabulawa Owayeyisoka Lakhe Ngokuhluleka Ukwamukela Ukwaliwa
Kubikwa ukuthi u Zanele Ncazela ugwazwe waze washona ngowayeyisoka lakhe e- Motherwell, e- Gqeberha, ngomhlaka 30 December 2025.
Ngokwemibiko, laba bobabili babehlukene, kodwa kuthiwa owesilisa akazange amukele ukuphela kobudlelwano babo. Kusolwa ukuthi wagcina emgwaza ngommese izikhathi eziningi kwaze kwaholela ekufeni kwakhe.
Lesi sigameko siphinde savusa ukukhathazeka mayelana nodlame olubhekiswe kwabesifazane, ikakhulukazi ezimeni lapho abesilisa bengakwazi ukwamukela ukuphela kobudlelwano. Izimo ezifana nalezi zivame ukuqala ngezinsongo, ukulandelela (stalking), noma ukuhlukumeza ngaphambi kokuthi ziphenduke udlame olubi kakhulu.
Iziphathimandla kulindeleke ukuthi ziphenye kabanzi ngalolu daba, kanti umphakathi ukhuthazwa ukuthi:
* Ubike izinsongo noma ukuhlukumeza kusenesikhathi
* Uthathe izinyathelo zokuvikela uma ubudlelwano buqala ukuba nodlame
* Uxhumane namaphoyisa noma izinhlangano ezisiza izisulu zodlame
Ukubulawa kwabantu besifazane kusaqhubeka nokuba yinkinga enkulu eNingizimu Afrika. Kubalulekile ukuthi umphakathi uqhubeke nokukhuluma, ukweseka izisulu, nokubambisana neziphathimandla ukuze kuvinjelwe udlame olunjalo.
Uma wena noma kukhona omaziyo ebhekene nodlame noma izinsongo, kubalulekile ukufuna usizo ngokushesha ezikhungweni eziseduze noma ezikhungweni zokweseka izisulu.


Thumela amazwana