USisanda Dube Usevele Walaxaza Umfana kaGogo UPhumlani Gumede
USisanda Dube usevele obala ngesoka elisha kulandela ukuhlukana kwakhe noPhumlani Gumede, owaziwa kakhulu ngokwenza i-content nogogo wakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Lezi zindaba ziqale ukusabalala ngemuva kokuthi uSisanda ebonakale esethandana nomunye umuntu,belele embhedeni okushiye abalandeli bemangele.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana bathi kusukela ekuqaleni kwakusobala ukuthi uSisanda wayengamthandi ngempela uPhumlani, kodwa wayemsebenzisa ukuze athole ukunakwa nokwandisa inani labamlandelayo, njengoba uPhumlani wayesevele edumile ngenxa yama-video akhe nogogo.
Nokho, kukhona nabathi akufanele kugxilwe ekusoleni, ngoba ubudlelwano buyimfihlo yabantu ababili, kanti okwenziwa uSisanda ngemuva kokuhlukana kungukukhetha kwakhe.



Thumela amazwana