Akazange Axolise Uthisha Oshuthe Ingane Ebingenakudla Eklasini.

   Akazange Axolise Uthisha Oshuthe Ingane Ebingenakudla Eklasini. 


Umama womfundi oneminyaka engu-8 ofunda ibanga lokuqala e-Thembalethu Primary School eGeorge uthi ubone uthisha esikoleni namhlanje ekuseni kodwa akazange axolise ngalokho akwenzile.



Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwevidiyo ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa uthisha eshutha umfundi obengenakudla ekilasini lakhe, ngesikhathi ezinye izingane zona zidla ophaya ziphuza neziphuzo.

Nayi ividiyo kaMama ngezansi

Lesi sigameko sidale intukuthelo enkulu emphakathini, kwathi namuhla abazali abaningi baphuma ngobuningi baya esikoleni bezwakalisa ukushaqeka nokungagculiseki kwabo ngendlela ingane ephathwe ngayo.

Kubikwa ukuthi uthisha obandakanyekile kulesi sigameko usamisiwe okwesikhashana emsebenzini ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngalolu daba. Abazali nabahlali bendawo bathi bafuna kuthathwe izinyathelo eziqinile ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphathwa ngenhlonipho futhi ziphephile ezikoleni.






Post a Comment

Okushanyana Okudadlana