Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala, Jada West, ishone ngokudabukisayo ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokulwa okwathathwa ngevidiyo ngeselula kwase kusabalala ezinkundleni zokuxhumana.
UJada ubengumfundi e-Mason Creek Middle School futhi kubikwa ukuthi le ngxabano yenzeka eduze kwesitobhi sebhasi lesikole endaweni yase-Villa Rica.
Ngokwemibiko, ingxabano yaqala ebhasini lesikole ngomhlaka-5 kuNdasa. Ngemuva kwalokho kwaba nokulwa lapho abafundi abaningana behla ebhasini eduze kwekhaya li kaJada.
Ividiyo ethathwe ngeselula ikhombisa uJada ephikisana neqembu labafundi ngaphambi kokuthi alwe nenye intombazane. Ngesikhathi belwa kubonakala uJada ewa phansi ngamandla. Kamuva wabonakala ehamba esuka lapho, kodwa kubikwa ukuthi waquleka ngaphambi kokuba afinyelele ekhaya.
UJada uqale waphuthunyiswa e-Tanner Medical Center ngaphambi kokuthi adluliselwe e-Children’s Healthcare of Atlanta at Scottish Rite. Odokotela bamfake egunjini labagula kakhulu (ICU) ngenxa yokulimala okukhulu ebuchosheni, kodwa washona ezinsukwini ezimbalwa kamuva.
Umndeni wakhe uthi uJada wayesanda kuqala ukufunda kulesi sikole futhi ubebhekene nokuhlukunyezwa (bullying) isikhathi esithile ngaphambi kwalesi sigameko.
Izihlobo zithi iqembu lezingane lamlandela lehla ebhasini, futhi kukhona ukukhathazeka ngokuthi kungani abantu abadala bengazange bangenelele ngokushesha. Baphinde babuza ukuthi kungani intombazane ebilwa naye, okuthiwa ayihlali kuleyo ndawo, ivunyelwe ukugibela ibhasi futhi yehliswe esitobhini sakhe.
Unina kaJada, Rashunda McLendon, uzwakalise ubuhlungu obukhulu ngokulahlekelwa ingane yakhe okuwukuphela kwayo.
Uthe:
*"Angiqondi. Ngithukuthele. Kumele sifundise izingane zethu. Kwenzekani othandweni? Silahlekelwe uthando, bantu. Fundisani izingane zenu ukuthanda."*
Umndeni uthi ufuna ubulungiswa futhi ufuna kube nokubekwa icala kulabo abathintekayo.
I-Villa Rica Police Department iqhuba uphenyo ngalolu daba futhi ibheka amavidiyo kanye nobufakazi bofakazi ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi kuzoba khona yini amacala azovulwa.


Thumela amazwana