Kuvele Igama Lika Tshatha Ecaleni Lokubulawa Kuka Senzo Meyiwa

 Kuvela Igama Lomsakazi WoKhozi Ecaleni LikaSenzo Meyiwa🔥

*Namhlanje njengoba kuqhubeka icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa laphaya eNorth Gauteng High Court ePitoli, umsolwa wesibili kulelicala uBongani Ntanzi nokunguyena osebhokisini lofakazi kulamaviki, uveze ukuthi esinye sezithombe ebeziphethwe ngabashushisi bombuso ngesikaKhathide Ngobe ongumsakazi woKhozi FM.

*Lokhu kwenzeke ngesikhathi abashushisi benekela inkantolo izithombe ezatholakala efonini kaNtanzi. Ngokusho kwabashushisi, uBongani Ntanzi wayehlala nefoni ngaphakathi ejele, nezithombe ezitholakale efonini yakhe bathi zazishuthwa nguye uNtanzi esevele eseboshiwe. UBongani Ntanzi uyakuphika konke lokho, uthi yena amafoni akhe omabili athathwa ngamaphoyisa ngomhlaka 16 June 2020 ngesikhathi eboshwa, uthi izithombe lezi okuthiwa wazishutha engaphakathi ejele ngo October 2020, uthi yena lezozithombe zashuthwa ngo 2018, ezinye ngo 2019, ezinye ngo 2020 esesemakhaya engakaboshwa nokuboshwa. Uthi ezinye izithombe wona amaphoyisa kushukuthi azithathe kuFacebook wakhe, nesithombe sikaTshatha wayesi poste kuFacebook, hhay ukuthi wazishutha esejele njengokusho kwabashushisi.

*Akucaci noma uBongani Ntanzi kwathi eseboshiwe kodwa wabuye wakwazi ukuphuma wayoshutha izithombe emakhaya KwaZulu Natal kwaNongoma, washutha noTshatha qede wabuyela ejele ngaphakathi. Icala liyaqhubeka.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/14Vm3DhrZY1/

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana