“ANGIFUNI I-DIVORCE!” — Owesilisa waseNigeria uthi uzolwa ngomuthi ngemuva kokuba umkakhe wakuleli ethe ufuna ukwehlukana naye
Kube nokuxokozela ngemuva kokuba owesifazane waseNingizimu Afrika ethe usekhathele ngumyeni wakhe odabuka eNigeria futhi usefuna ukuba bahlukane naye.
Lo wesifazane uthi akasafuni ukuqhubeka nobudlelwano balo mshado, wathi usefikile esinqumweni sokufuna i-divorce.
Kodwa umyeni wakhe waseNigeria akafuni nokuzwa ngendaba yokwehlukana. Lo mlisa uthi akafuni i-divorce futhi kunalokho uthi uzolwa ngazo zonke izindlela ukuze umkakhe angamshiyi.
Lo mlisa uze wathi uzosebenzisa umuthi ukuze alwe nesinqumo somkakhe sokufuna ukwehlukana naye.
Buka ividiyo:
Le nkulumo ishiye abaningi bebambe ongezansi, njengoba lo wesifazane egcizelela ukuthi usekhathele futhi akasamfuni lo mlisa, kanti yena uthi akazimisele ukudedela umshado wabo kalula.
Indaba isiphenduke undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana, abanye bebuza ukuthi: Ngabe umshado ungaphoqwa uma omunye esefuna ukuphuma kuwo?

Thumela amazwana