ABANTU EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA BANCOMA UMSHAYELI WASEZIMBABWE OBALEKA NEMPAHLA EBIZA U-R155 000 E-CASH CRUSADERS
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bancoma umshayeli odabuka eZimbabwe, ngokubaleka neveni yenkampani egcwele impahla ebiza ngaphezu kuka-R155 000.
Kubikwa ukuthi lo mshayeli, ongowokufika eNingizimu Afrika, ubeseqashwe yisitolo i-Cash Crusaders ukuthi ahambise impahla phakathi kwamagatsha.
Nokho, kuthiwa akazange afike lapho obekulindeleke ukuthi ahambise khona le mpahla. Kusolwa ukuthi wanyamalala neveni yenkampani, ebigcwele ifenisha nezinye izimpahla ezibiza imali eningi.
I-Cash Crusaders isinxuse noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekutholeni lo mshayeli, iveni noma impahla ukuba abike ngokushesha.
Kodwa-ke, abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi lo mshayeli “wenze kahle” ngokubaleka, bethi le nto izokwenza izinkampani zakuleli zicabange kabili ngaphambi kokuqasha abantu bokufika. 😳
Kuthiwa lo mshayeli unyamalele futhi usagcwele amathafa, kanti isitolo sesicela usizo lomphakathi ukuze kutholakale yena, iveni kanye nempahla.
📞 Uma unolwazi olungasiza, shayela: 066 398 1275
📞 Noma ubike ku: 012 542 7418


Thumela amazwana