Kuwe Isibhamu Phansi Esesiteji Ngesikhathi USnqamu Sodidla Enandisa
Kusuke isidumo ngesikhathi umculi kamaskandi uSnqamu Sodidla enandisa esiteji, njengoba kubonakale isibhamu siwela phansi esiteji ngesikhathi eqhubeka nokucula.
USnqamu Sodidla uqale ukuba sematheni ngenyanga edlule ngesikhathi ekhipha ingoma yakhe ethi “Halala”, eyenze kahle kakhulu kuYouTube, lapho isibukwe ngaphezu kwesigidi.
USnqamu ungene emculweni kamaskandi ngokulekelelwa nguMkhulu uDr 3 Seconds, obambe iqhaza ekumvuleleni indlela emculweni.
Ukuduma kwengoma ethi “Halala” kwenze igama likaSnqamu Sodidla laqala ukugqama kakhulu kubalandeli bomaskandi, kanti manje usaqhubeka nokuvela ezinkundleni zomculo naseziteji.
Buka ividiyo ngezansi👇
#Halala #Maskandi

Thumela amazwana