OWESILISA OBENZA NGATHI UZOTHENGA, WEBE IFONI KWAHOOPERS E-DURBAN CENTRAL


OWESILISA OBENZA NGATHI UZOTHENGA, WEBE IFONI KWAHOOPERS E-DURBAN CENTRAL

USphiwe Shabane, osebenza kwaHoopers eDurban Central emnyangweni wakwaSuzuki, ucele usizo ngemuva kokwebelwa ifoni yakhe emsebenzini.

Ngokusho kukaSphiwe, izolo kufike owesilisa obebonakala sengathi uzothenga.

Uthi ngesikhathi yena ephumile waya endaweni lapho kuhlala khona ama-party ezimoto, lo mlisa wangena lapho ayesebenza khona.

USphiwe uthi lo mlisa waqala waqalaza ebheka ukuthi akekho yini ombonayo, wabe esethatha ifoni yakhe ebisetafuleni lakhe wahamba nayo.

USphiwe uthi unobufakazi obuhlanganisa ividiyo kanye nesithombe salo mlisa, nokuyinto angathemba ukuthi izosiza ekutholakaleni kwakhe.

Noma ngubani onolwazi ngomuntu okhonjwe kule vidiyo noma esithombeni, uyacelwa ukuthi abikele uSphiwe noma amaphoyisa.

Buka ividiyo yesigameko ngezansi 👇



Post a Comment

Okushanyana Okudadlana