UTHABANI HLATSHWAYO UTHUKE UNGIZWE MCHUNU NONINA, WAFAKA NAMAKHOSIKAZI AKHE
UThabani Hlatshwayo, odume ngelika Putin kuTikTok, uphendule uNgizwe Mchunu ngemuva kokuthi uNgizwe emkhuze ngokuthuka iNkosi yamaNazareth uNyazi lweZulu kanye neSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini.
UNgizwe uthe uThabani kufanele ahoxise zonke izinhlamba azisho ngabaholi laba, wamnika isikhathi esiyisonto elilodwa ukuthi akwenze lokho.
Kodwa kubukeka sengathi lezi zixwayiso azimvimbanga uThabani, njengoba ephendule uNgizwe Mchunu ngolaka, wamthuka kakhulu futhi wafaka phakathi nonina kanye namakhosikazi kaNgizwe.
UThabani uqhubeke nokukhipha inqwaba yezinhlamba ebhekise kuNgizwe.
Buka ividiyo ngezansi 👇

Thumela amazwana