Kuboshwe ababili ngemuva kokutholakala komlisa obelahlekile eseshonile eMnambithi
Amaphoyisa aseMnambithi abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-28 no-35 ubudala mayelana necala lokuduna imoto nokubulala e Zakheni.
Lokhu kulandela ukutholakala kweveni yohlobo lwe Isuzu ilahliwe ngoMgqibelo endaweni yaseManzabilayo eZakheni. Imoto ibingenazo izinombolo, kanti kubikwa ukuthi ibonwe ihamba namadoda amane ngaphambi kokuba ishiywe.
Amaphoyisa aphinde athola ukuthi le moto ibhaliswe kumlisa oneminyaka engu-75 ubudala obedukile ngemuva kokuthi kuthiwe uhambe eya edolobheni kodwa wangabuya. Kwase kuvulwa icala lomuntu odukile, kwaqala nomkhankaso wokumthungatha.
Uphenyo luholele amaphoyisa kubasolwa ababili endaweni yaseMbulwane ngeSonto ekuseni. Kamuva, abasolwa bakhombise amaphoyisa indawo eyihlathi ku-Albert Street lapho kuthiwa balahla khona isidumbu salo mlisa. Amaphoyisa asitholile isidumbu kuleyo ndawo.
Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi bebhekene namacala okuduna imoto nokubulala. Kanti abanye abasolwa ababili basathungathwa ngamaphoyisa.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/1KoMFVwq94/

Thumela amazwana