Amalungu Amane eVIP Security Adutshulwe Amaphoyisa Ashonela Endaweni Yesigameko

Amalungu Amane eVIP Security Adutshulwe Amaphoyisa Ashonela Endaweni Yesigameko

Amalungu amane enkampani yezokuphepha i-VIP Security adutshulwe amaphoyisa ashona khona lapho. Kubikwa ukuthi bebehamba ngemoto ebibhaliwe ukuthi “Security” futhi begqoke i-uniform ephelele, imoto imile eceleni komgwaqo ngesikhathi sesigameko.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, badubule ngoba imoto ibihamba ngesivinini esikhulu futhi bekungacaci ukuthi abagibeli bangamalungu ezokuphepha. Nokho, kukhona ividiyo esivele ikhombisa ukuthi imoto ibimile ngesikhathi idutshulwa, futhi ibinombhalo othi “Security” kanti nabagibeli bebegqoke i-uniform ephelele.

Imbangela yangempela yalesi sigameko ayikacaci okwamanje. 

I-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ithe isizophenya ngalolu daba, ikakhulukazi njengoba kutholakale ama-cartridge ezibhamu zamaphoyisa kuphela endaweni yesigameko. Uphenyo luyaqhubeka.


Post a Comment

Okushanyana Okudadlana