Udonga Lakamakhelwane Luwe Lwashaya Ingane (8) Ekhanda Yashona e-Buffelsdraai

Udonga Lakamakhelwane Luwe Lwashaya Ingane (8) Ekhanda Yashona e-Buffelsdraai

Umndeni wakwaMyeza eBuffelsdraai Number 4, e-Verulam, uthi ufuna ubulungiswa ngemuva kokuthi udonga lukamakhelwane wakwaMagwaza luwe lwawela indlu yabo, lwashaya ingane eneminyaka eyisishiyagalombili (8) ekhanda yaze yashona.

Kuthiwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, umama wengane kanye nenye ingane nabo balimala futhi baphuthunyiswa esibhedlela.

AbakwaMyeza batshele izindaba ukuthi selokhu kwenzeka le nhlekelele, abakwaMagwaza — abachazwa njengomama nomfundisi — abazange bavakashele umndeni noma banikeze usizo, ngisho nangosizo lokuhambisa abalimele esibhedlela.



Izindaba zixhumane no-Xolile Ncanana Magwaza, ophikile ukuthi akazange aye khona, wathi: “Ngiphuma khona njengamanje. Okuningi ngicela ukungakuphawuli ngoba udaba lusingethwe ngamaphoyisa.” Wabe esevala ucingo.

Ngokusho kwabakwaMyeza, bathi ufike namuhla kuphela ngemva kokuncengwa unina ovela e-Nkandla. Umndeni uthi lolu donga lwalwakhiwe emngceleni wendawo yabo futhi lwafakwa ngenkani.

Udaba selusingethwe ngamaphoyisa, kanti umndeni uthi ulindele ukuthi kwenziwe uphenyo oluphelele ukuze kutholakale ubulungiswa.



Post a Comment

Okushanyana Okudadlana