Owesifazane Ulandisa Ngohambo Lwakhe Lokuba Isangoma

Owesifazane Ulandisa Ngohambo Lwakhe Lokuba Isangoma. 

Owesifazane  uveze indaba yakhe yokuthi wagcina kanjani  eseyiSangoma, nakuba ekuqaleni wayengakaze acabange ukuthi impilo yakhe izomthatha kulolo hambo.

Ngokusho kwakhe, wayeseyigugu eliphothule izifundo (graduate), futhi wayecabanga ukuthi ngenxa yemfundo yakhe angakwazi ukuphikisa noma ukugwema ubizo lwabaphansi.

Uthi ngesikhathi eqala ukubona izimpawu zokubizwa kwakhe, waze watshela amadlozi akhe ukuthi ufundile futhi kungcono bathathe omunye umuntu, ecabanga ukuthi ubizo lwamadlozi kungaxoxiswana ngalo noma luguqulwe.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi wayezikhohlisa, ngoba ubizo lwamadlozi aluzange lumshiye. Ekugcineni kwadingeka alwamukele futhi aqale uhambo lwakhe lokuthwasa ukuze abe umelaphi wesintu.

Uphinde wacacisa ukuthi abantu abaningi banombono ongafanele mayelana nalolu daba.

Uthe:

"Bantu, akuwona wonke umuntu ogwema ukuphuza amaphilisi ogcina ethwasa. Ningasicabangi nina ngathi."


Uphethe ngokuthumela umlayezo wokuthula kubantu bonke, ethi:

*"Ukukhanya nokuhle makumboze nina nonke."* ✨


Post a Comment

Okushanyana Okudadlana