Umama Uveza Ubuhlungu Bokukhula Nomzali Ongazange Abekhona Empilweni Yakhe

 Umama Uveza Ubuhlungu Bokukhula Nomzali Ongazange Abekhona Empilweni Yakhe

Omunye wesifazane uveze ubuhlungu bokukhula engenaye umama owayemnakekela, ethi lokho kumenze wafunga ukuthi ingane yakhe ngeke idlule kulokho adlula kukho.

Ngokusho kwakhe, wakhula ebhekene nobunzima obukhulu, kwesinye isikhathi eya esikoleni engafake zicathulo futhi elambile, elinde ukudla kohlelo lokondla izingane ezikoleni. Uthi lokhu kwenzeka ngoba unina wayekhetha ukuphila impilo yakhe e-Gauteng kunokuba abe seduze nengane yakhe.

Uphinde wathi wayengafuni ukuthi ingane yakhe ikhuliswe ngugogo njengoba kwenzeka kuye, ngoba unina naye akazange amkhulise ngendlela efanele.

Uveze ukuthi kwakunezikhathi lapho ayehamba iminyaka engaphezu kwemibili engazi nokuthi unina uphila kanjani, futhi lokhu kwashiya isilonda esinzima enhliziyweni yakhe.

Uthi ingane yakhe ngeke iphinde ibhekane nezinto ezifana nokuxoshwa ekilasini ngenxa yokuthi izincwadi zayo azikhaviwe, noma ukuhlekwa ezinye izingane ngoba ingenayo ipeni noma izinto zesikole.

Uphinde wakhumbula ukuthi ugogo wakhe wayekade ephoqeleka ukuncenga isikole ukuze athole umbiko wakhe (Report) ngoba unina wayengathumeli ngisho uR50 wemali yesikole.

Lo mama uthi ingane yakhe ngeke  ibhekane nokuba nomzali ongabikhona. Nakuba evuma ukuthi ngeke akwazi ukuya kuyo yonke imihlangano yabazali noma imicimbi yesikole, kodwa uthi uzohlala ekhona empilweni yengane yakhe.

Ugcizelele wathi:

"Le ngane ngeke ifise ukuthi ngabe inomunye umzali, hhayi mina."

Uphinde wathi uma unina ezama ukuzigqaja ngokuthi ingane yakhe isiphumelele empilweni, abantu kumele bakhumbule ukuthi impumelelo yakhe ayiveli ngosizo lwakhe.

Uvale ngokuthi bakhona omama abangabikho empilweni yezingane zabo, futhi akafuni ingane yakhe ibhekane nalolo hlobo lobuhlungu. 💔





Post a Comment

Okushanyana Okudadlana