Umfundi-8 Uzibulele Ngokuzilengisa Ngemuva Kokuhlekwa Ezinye Izingane Esikoleni

 Umfundi Oneminyaka engu-8  Uzibulele Ngokuzilengisa Ngemuva Kokuhlekwa Ezinye Izingane Esikoleni. 

Umfundi wentombazane oneminyaka engu-8 ubudala, ogama lakhe lingu-Imibongo Ntamehlo , obefunda ibanga lesithathu-3 e-Gxulu, eMthatha esifundazweni iEastern Cape, uzibulele ngokuzilengisa.

Kubikwa ukuthi lengane yayihlala ikhala ngenxa yokuhlukunyezwa izingane ezifunda naye, ezihlale zimhleka futhi zimtshela ukuthi kubi  ekhaya kubo nokuthi bayahlupheka.

Ngemuva kuhlukunyezwa okukhulu, lengane yahlala ingaphansi kwengcindezi yengqondo yaze yagcina ngokuzilengisa

Lesi sigameko sidale ukudabuka okukhulu emphakathini waseGxulu, kubazali, othisha, kanye nakuvafundi kanti abazali bayakhuthazwa ukuthi baxoxe nezingane ngezinkinga zazo, zibone ukuthi zithola ukwesekwa ngokushesha, ukuze kugwenywe izigameko ezifana nalezi esikhathini esizayo.




Post a Comment

Okushanyana Okudadlana