Ushaqekile Owesilisa WaseThekwini Othole Ukuthi Umkakhe Uyadliwa Emsebenzini Ehhovisi

Ushaqekile Owesilisa WaseThekwini Othole  Ukuthi Umkakhe Uyadliwa Emsebenzini Ehhovisi

*Yazi bafwethu mina angisazi ukuthi lapha emhlabeni yini ngempela elungileyo nengalungile, angisazi ukuthi yini umuntu okumele ayenze noma engayenzi, yazi konke nje sekuyabheda. Osebenzayo ufisa ukuyeka umsebenzi, ongasebenzi ufuna ukuthola umsebenzi, osontayo ufuna ukuyeka isonto aziphuzele utshwala, nophuzayo ufuna ukuyeka utshwala aye esontweni, oshadile ufuna ukuphuma emshadweni, ongashadile uyehla uyenyuka ufuna umendo. Amaphoyisa aqashelwe ukulwa nobugebengu sekuyiwo izigebengu. Kupetukile nje.

*Ngithintwa ngenye insizwa yaseMlazi izolo ebsuku, kushuthi lensizwa ijwayele ukubuka izinkulumo zami lapha kuYouTube, ithi lensizwa ihlala nentombi yayo endlini laphaya eBluff kodwa ikhaya liseMlazi, empeleni usisi lo sekuyingodosi ngoba seyilobole lensizwa kodwa ayikakaqedi. Uthi lomfo bana 9 years bethandana nalosisi, batholana ngesikhathi losisi esenza unyaka wakhe wokugcina eNyuvesi e-UKZN ngo 2017, yena lomfo ubesevele esesebenza eshayela amawinji emtateni ngalesosikhathi. (Bayahola,ke abantu abashayela amawinji emtateni hhayi kancane). Uthi lomfo lengodosi yakhe wayeshela ifake ibhulukwe, uthi akayazi nje nhlobo ifake isiketi, and liyayihlala kamnandi ibhulukwe futhi liyayifanela, naye akanankinga nhlobo nalokho. Uthi lomfo ize yaqala ukuba nesiketi lengodosi ngesikhathi esezoya nayo kubo eMlazi cishe ngo 2020 or 2021, ngalezonsuku yathenga iziketi ezimbili kanye nephinifa, lezizinto izigqoka kuphela uma ezohamba nayo eyekubo lomfo, uma bebuya kubo eMlazi ibuyela ekufakeni ibhulukwe, kushukuthi ingodosi lena ikhule vele ngakubo ePMB izifakela amabhulukwe. Intokazi le ngeyase PMB. Uthi lomfo ngo 2021 ibe seyithola itoho lentokazi lapha eThekwini lapho eyayenza khona i-inservice training, bavele nje bayifonela ngokuthi babenawo ama details ayo lentokazi asala ngesikhathi isenza itraining. Nakhona lapho emsebenzini ibizifakela amabhulukwe lentokazi.


*Kuthe ngo 2025 June, kushuthi last year, ngomhlaka 25, uthi lomfo yavele yabuya neziketi ezintsha cishe eziwu 5 or 6 lentokazi, vele yayiholile, yafika nazo endlini, uthi yathi kuye isine obsession yokufaka iziketi nje, yathi nayo ayazi ukuthi yini ndaba isithanda ukufaka iziketi. Uthi lomfo kuyena kwafika ukuthi kushuthi lengodosi izama ukujwayela isiketi ukuze ingahlupheki uma sebeya ekhaya eMlazi, nazo futhi iziketi ziyamfanela usisi, ziyamhlala nje kahle ngoba vele umi kahle futhi unezinqa ezinhle, uthi naye kwamjabulisa nje ukubona ingodosi yakhe isithenga iziketi okusho ukuthi ikuthatha serious ukuya eMlazi. Uthi lomfo usenaka manje ukuthi lengodosi ibizifaka uma iya emsebenzini kuphela leziketi, izifake futhi uma bezoya eMlazi of which abayi njalo eMlazi. Uma lengodosi iya kubo ePMB ayihambi nasiketi, iyazishiya zonke, noma ingasebenzi ayisifaki nje nhlobo isiketi kodwa emsebenzini cishe ibhulukwe isilifaka usuku olulodwa kuphela.


*Uthi,ke lomfo yena akayithinti nje futhi akayinaki ifoni yentombi, akasondeli nje kuyo, uthi akwenzeki nje ezithole eseyigada ukuthi ixoxa nobani nini, uthi akayinaki nje leyonto sidalo sakhe, nayo intombi le iyazi ukuthi lomfo akayithinti nje ifoni yayo. Kuthe,ke ngoLwesihlanu olwedlule loluya lomhlaka 27, uthi lomfo kwavele kwangena imessage efonini yakhe, uthunyelelwa ama screenshot yinamba akangayazi. Uthi uma eyivula leMessage eyifunda ufica inqwaba yama-screenshot, kushukuthi kulama screenshot yingxoxo ye group, kule group kukhona lenamba yalengodosi yakhe, ixoxa nabanye ozakwabo ababili esebenza nabo ebhilidini, yiyo lengodosi eyesithathu. Uthi lomfo iMessage eyayisenda ama screenshot yangena ngabo 8 ntambama esendlini nje, nayo lengodosi ikhona isebhizi nje ngezinto zasendlini. Uthi lomfo wathi esafunde nje eyodwa imessage, wabona ukuthi lendaba ijulile futhi maningi lama screenshot, uthi wabe eseyongena etoilet wawafunda, uthi kanti indaba ijule ngalendlela yokuthi wavele wajuluka sametime wabamanzi te, uthi khona lapho wavele wafaka ifoni ephaketheni wahlamba ubuso kuSink waphuma esemanzi vele, wadonsa ukhiye wemoto wayishaya imoto waze wayoma esangweni kubo eMlazi esuka eBluff, wase eyawafunda lama screenshots wonke. Ay uthi lapha kule group kuxoxwa nge sex yase office, uthi bobathathu kule group bayadliwa emsebenzini kanye nayo ingodosi yakhe, uthi kuze kukhulunywa nangokuthi ibhulukwe aliyenzi kahle isex yasehhovisi, bathi kufuneka sengathi ungafaka isiketi uma uzovakasha ehhovisi lalo okudlayo, kodwa bona bebeyibeka ngamagama abo lengxoxo. Uthi lomfo uma ehla njalo ngama screenshot, waze wafika kuma screenshot angonyaka odlule, waze wafika kulomhlaka 25 June, wafike wathola ukuthi nalengodosi yakhe lomfo yayibhale ukuthi "Iheeee ksasa ngizoyobutha iziketi nami ngeke"

*Uthi lomfo wase eyakhumbula mhla ifika neziketi endlini lengodosi yakhe. Uthi lomfo kuthe eseqedile ukufunda ama message wonke ube esebhalela lenamba ekade imsendela lama screenshots, kanti isimu blockhile lenamba, noma eyifonela ayisangeni, kwathi noma eseyifonela ngenye ifoni ayisangeni, ayikaze ingene namanje leyofoni. Lomfo uthi ubuyile weza endlini ngakusasa ngoMgqibelo wafike wayitshena ingodosi yakhe ukuthi uzoke ethi ukuhlala eMlazi kancane iviki noma elilodwa, wathi kunezinto zesintu akasafuna ukuzenza. Ube esethatha izinto ezimbalwa wahamba nazo. Uthi lomfo kuthe eseseMlazi wavele wehluleka ukuzibamba wavele wawathumela wonke lama screenshot ethumelela ingodosi yakhe. Uthi emva kwalapho ingodosi icele ukuyohlala emqashweni wayo omdala eMayville, uthi lomfo ayikho into abasayikhulumile okwamanje ngoba uthi akazi ukuthi uzoqalaphi egcine kuphi, nayo lengodosi ayikakasho lutho. Kunzima madoda ukuyibeletha ungayizali.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1CZe2j8Dbg/

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana