Umfundisi obeshada ngo-Febhuwari akasebhekani nabasekhweni ngenxa yengane yomkakhe angayizali.
Usizi LukaMfundisi WaseMnambithi Obeshada Ngenyanga Edlule Kodwa Ongasabhekani Nabasekhweni Lakhe Namuhla Kubangwa Ingane Akangayizali
*UMfundisi uSiphiwe Tanda waseMnambithi kodwa onebandla elikhulu eGoli, obeshada ngomhlaka 28 February 2026, eshada noNompilo Mbali Zondo waseVryheid kwaMnyathi eHouse No: 18, usephenduke inkukhu nempaka nabantu basekhweni lakhe kwaGumede eVryheid (KZN).
*Kushukuthi umakoti (uMbali Nompilo Zondo osesithombeni noMfundisi) lona obeshada noMfundisi izolo ukhulele eVryheid kwaMnyathi eHouse no: 18 kwaGumede, ukhule ehlala nogogo wakhe kanye nomama wakhe kanye namanye amalunga omndeni wakwaGumede, kwathi naye loNompilo Mbali Zondo wagcina esethola ezakhe izingane, emva kwalapho wabe esehamba eyofuna amatoho eGoli kanti uzofike edibane noMfundisi uSiphiwe Tanda lo akagcine eseshada naye izolo, izingane zakhe wazishiya eVryheid kwaGumede endaweni yakwaMnyathi, zasala nomamncane kalomakoti eVryheid, namanje zisahlala khona, lowomamncane kamakoti unguthisha uyafundisa.
*Emva kwesikhathi umama kamakoti ugcine esehlala eMpumalanga, nokuthe uma loMfundisi eseqala eselobola wavele wayolobola eMpumalanga kumama kamakoti, wangaya emakhaya eVryheid nokuyilapho khona umndeni wakwaGumede okholelwa wukuthi amalobolo bekumele aye khona. Umndeni wakwaGumede le emakhaya wona uthi uzwe ngoJanuary 18 kuwo lonyaka ukuthi uNompilo uyashada, uzoshada noMfundisi bazoshadela eMnambithi, lomndeni uthi wona ubungazi lutho ngomshado ngoba naye umakoti akaze eze ekhaya, ubezihlalela eGoli naye umkhwenyana (uMfundisi), basuke eGoli sebeya kubo kaMfundisi eMnambithi sebeyoshada ngoMgqibelo. Nebala lomndeni oseVryheid uhambile nawo waya eMnambithi emshadweni, kwase kuthi lomamncane kamakoti ohlala nengane kamakoti weza nayo lengane kamakoti akahlala nayo eVryheid, leyongane ngeyentombazane ina 11 years. Kuthe uma sekuphele umshado basheshe bahamba laba bomndeni wakwaGumede babuyela eVryheid, bahamba nayo ingane kamakoti. Bathe nje uma sebesekhaya eVryheid laba bakwaGumede, lase lingena iheheba leVoice Note kaWhatsapp, lingena kumamncane kamakoti lona onguthisha ohlala nengane, lingena nje lisendwa nguye ngqo uMfundisi. Uthi,ke loMfundisi kulomamncane kamakoti:
"Molweni ninjani, sibongile ukunibona emshadweni, uMfundisi uSphiwe Ntanda lo okhulumayo, kodwa kunento engiyibonile engingayithandanga obuyenza izolo. Angazi noma umakoti wami yena uyayithanda yini futhi mhlambe noma engangayithanda lento obuyenza mhlambe uzosaba ukuyikhuluma ngoba wena ungumama kuye, kodwa mina ngizoyisho. Umakoti wami ngishade naye ngo 2024, zonke izingane zakhe sezike zafika lapha kimi ngazozibona ngazi surpriser ngezinto eziningi kodwa kunengane yakhe eyodwa nje engakaze ifike lapha kimi, leyongane yile ehlala kuwe, sengizwile kuthiwa awufuni nayo, kungcono,ke kulokhu ngoba utholene noClever ofana nawe. Ngikubukile nje nala emshadweni ubungafuni nokuyidedela ingane, uma usukuma endlini uphuma phandle uphuma nayo ingane, noma uyochama ingane itatazela emva kwakho awuyiniki ngisho ithuba lokuthi ikhulume nomama wayo uyinamathele clever ndini. Bengithi sizolithola ithuba lokuthi sikhulume emva komshado, bengizitshena ukuthi phela nani nizohamba late njengabo bonke abantu kanti nizovele ninyamalale ngokushesha. Ngiyizwile nale yokuthi nithi imali engilobole ngayo ngiyinikwe nguye umakoti, bengithi ngizobuza ukuthi yimalini owanginika yona nginibuyisele. Mina,ke nginemali cc wabantu uma kungukuthi awazi, angifani nawe, ngazana nabantu abaphezulu, wena unguthisha uphila ngomashonisa ngoba lamakinati akwa education eniwaholayo awanenzeli lutho. Ingane,ke sizoyithatha kuwe khululeka..." Iqhubekile leVoice Note kaMfundisi yasho izinto eziningi kakhulu.
*Emva kwalamazwi kaMfundisi ewabhekise kumama omncane kamakoti, naye umamncane kamakoti ube eseziphendulela. Lempi igcine isingenwa ngisho yizingane ezizalwa yilo mamncane, zathuka loMfundisi, zambuza ukuthi kanti yena walokhu ebhizi efuna kulandwe ingane yentombazane okungeyona neyakhe ufuna ukuyikhwela yini lengane noma ufuna ukuthwala ngayo. Lomndeni wakwaGumede ubuye wathola nokuthi kanti ingane yawo kade yashada naloMfundisi ngoba kuthiwa bashada ngo 2024, lokhu obekwenziwa kuthangi bese kuyikho ukugcina usiko.
*Kuthe uma lelikhasi lixhumana noMfundisi kanye nomakoti wakhe, uMfundisi uthe bayamjwayela laba abasekhweni lakhe uma bethi yena ufuna ukukhwela ingane, wathi umuntu ofuna ingane ngumama wayo (umakoti kaMfundisi). Eziphawulela umakoti uthe yena akanankinga nokuthi ingane yakhe ihlezi kumancane wayo ngoba baphethene kahle, wathi kodwa into akangayithandi wukuthi uMfundisi usethukiwe wabizwa ngenkwishela, kwathiwa uyikhehla elibi elingasile.
*Impi phakathi kwalemindeni emibili isishoda ngozogadla, ama voice note (lelikhasi elinawo) aqhamuka kuzona zombili izinhlangothi ayakutshena ukuthi ingcabha ayisasele kumuntu, lobubuhlobo obebukhandwa kuthangi empeleni bekulolwa izikhali zembubhiso ngoba izinhlamba eziqhamuka kuzona zombili izinhlangothi zikushiya ukhathele uwudaka. Ayeza ama voice note azochaza udaba oluphelele.
#NB: uma unodaba ofisa ukusithumelela lona ungasibhalela: #WhatsApp: 0762920313
#Email: mcmenzistomedia@gmail.com or bongumenzi30@gmail.com
🔥PLEASE SHARE THE POST🔥
Umfundisi obeshada ngo-Febhuwari akasebhekani nabasekhweni ngenxa yengane yomkakhe angayizali
Ezendawo News
0

Thumela amazwana