IPHOYISA LIDUBULE INGANE ENEMINYAKA EMIBILI-2 YASHONA NGESIKHATHI SEMASHI
“INGANE IBIKHASA EGCEKENI — YASHAYWA I-TEAR GAS CANISTER”
Kuthiwa ingane eneminyaka emibili yashona ngesikhathi samashi eThabazimbi, eLimpopo, lapho ababhikishi bebemasha bekhala ngodaba lwabantu bokufika abangenazo izimvume ezisemthethweni zokuhlala eNingizimu Afrika.
Ngokombiko, ingane ibikade idlala futhi ikhasa egcekeni lakubo ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza abantu abebemasha. Kuthiwa ngesikhathi kusetshenziswa izikhali zokulawula isixuku, i-tear gas canister yashaya ingane, nokwaholela ekutheni ithole ukulimala okubi kakhulu.
Umama wengane kuthiwa waya esiteshini samaphoyisa eyovula icala mayelana nokushona kwengane yakhe. Nokho, kubikwa ukuthi akakwazanga ukuvula icala njengoba amaphoyisa kuthiwa enqabile ukumamukela.
Manje kuthiwa umama uzama ukuxhumana ne-IPID ukuze acele ukuthi kuphenywe kabanzi ngalesi sigameko futhi kutholakale ukuthi kwenzekeni ngempela.
Umama ufuna ubulungiswa ngengane yakhe.


Thumela amazwana