UMFUNDISI ONGOWOKUFIKA UVELE OKOKUQALA ENKANTOLO NGEMUVA KOKUGWAZA UDADEWABO KA-PASTOR MJOSTI.
Owesilisa ongumfundisi ogama lakhe uFulgence Nimubona, odabuka eCongo, uvele okokuqala eNkantolo kaMantshi yaseThekwini, lapho ezobhekana khona namacala amabili okuzama ukubulala.
UNimubona ugwaze kanzima uNomthandazo Mbhele, ongudadewabo kaPastor Mjosty Mbhele. Kubikwa ukuthi uNomthandazo uthole amanxeba angama-43 emzimbeni.
Imibiko ithi lesi sigameko kungenzeka sihlobene nokuthi umndeni kaNomthandazo kuthiwa weseka inhlangano ye-March and March.
#EzendawoNews #ezendawo #zikwazisangezindabazasendaweni #ezendawoizindaba #news #izindaba

Thumela amazwana