Isoka Ligwetshwe Iminyaka Engu-72 Ngokubulala Intombi Nengane EneziNyanga Eziyisishiyagalombili

Isoka Ligwetshwe Iminyaka Engu-72 Ngokubulala Intombi Nengane EneziNyanga Eziyisishiyagalombili

INkantolo eNkulu yaseLimpopo isigwebe uLunghani Mhlongo (30), waseDan Village eTzaneen, iminyaka engu-72 ejele ngemuva kokumthola enecala lokubulala intombi yakhe nengane yabo enezinyanga eziyisishiyagalombili.

Kuthiwa ngomhlaka-15 kuMandulo 2024, kulandela ingxabano, uMhlongo washaya umlingani wakhe uHope Nkuna ngesikhathi ethwele ingane emhlane. Ngesikhathi eshaywa, washayisana netafula elagcina lishaye ingane ekhanda. UMhlongo waqhubeka nokumklinya waze wangasaphenduli. Lapho ebheka ingane, nayo wayithola ingasanyakazi.

Kubikwa ukuthi wafihla izidumbu zombili ngaphakathi kwendlu ye-RDP wabe eseyishisa ngenhloso yokufihla ubufakazi, ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Amalungu omphakathi abikela amaphoyisa, kwagcina kuboshwe yena.

Ungene esivumelwaneni sokuvuma icala nesigwebo ngaphansi kweSigaba 105A soMthetho Wezobugebengu 51 ka-1977.



Post a Comment

Okushanyana Okudadlana