Kumuke Umama Nengane Yakhe e-Eastern Cape Ngemuva Kokukhukhulwa Amanzi
Kubikwa ukuthi uSiphokazi Jikeleza waseGoso, eNyandeni, endaweni yaseNgqeleni, ukhukhulwe amanzi ngesikhathi ezama ukuwela umfula obegcwele ngenxa yezimvula ezinamandla, ephethe ingane yakhe enezinyanga eziyisishiyagalombili.
Ngebhadi, bobabili abakwazanga ukusinda kulesi sigameko esibuhlungu, bashona khona lapho.
Lesi sehlo sishiye umphakathi uthukile futhi ubambe ongezansi.
Kukhuthazwa umphakathi ukuthi uqaphele kakhulu ngesikhathi sezimvula ezinamandla, ugweme ukuwela imifula egcwele ngoba amanzi angaba yingozi kakhulu.





Thumela amazwana