UCindi uthi akaguquki esinqumeni sokungamngcwabi uyise
UZakhele Cindi waseMgungundlovu uthi umile futhi akaguquki esinqumeni sakhe sokungamngcwabi uyise, ethi ubaba wakhe wamlahla esemncane wayohlala nomunye umuntu wesifazane, wagxila ekukhuliseni izingane zalowo wesifazane kunokunakekela ezakhe.
NgokukaZakhele, uyise useshonile futhi kuthiwa usehlale emakhazeni kusukela ngenyanga kaMasingane ngenxa yokungabikho kwezinhlelo zomngcwabo. Uthi ubuhlungu bakhe bujulile njengoba ethi uyise akazange amnakekele noma amenzelane izinto eziyisisekelo njengokumenzela umazisi.
“Ubaba akangenzelanga ngisho umazisi. Manje ngizomkhipha kanjani emakhazeni ngingenawo umazisi? Ngizokwenza kanjani izinto zomthetho?” kubuza uZakhele.
Uthi akazimisele ukuthwala umthwalo wokuhlela umngcwabo womuntu angazange abe khona empilweni yakhe. Nokho, abanye emphakathini, bathi kufanele axole enze okufanele ngokwesiko, kanti abanye besekela isinqumo sakhe besho ukuthi ubuhlungu bokulahlwa abupheli kalula.
Kuze kube manje, akukacaci ukuthi umndeni uzothatha siphi isinyathelo ukuze kulungiswe lolu daba, njengoba isidumbu kusabikwa ukuthi sisagcinwe emakhazeni.

Thumela amazwana