KUBONAKALE OWESIFAZANE ELINGISA UKUKHALA KUKANKOSIKAZI KASCEBI, ENZA INHLENKISA NGOKUFA KUKA-SCEBI


KUBONAKALE OWESIFAZANE  ELINGISA UKUKHALA KUKANKOSIKAZI KASCEBI, ENZA INHLENKISA NGOKUFA KUKA-SCEBI

Sekusabalale  ezinkundleni zokuxhumana i-video lapho kubonakala khona owesifazane elingisa uNkosikazi kaScebi Dlamini ngesikhathi ekhala ngokushonelwa umyeni wakhe.

Kule video, lo wesifazane ubonakala enza i-content elingisa indlela uNkosikazi kaScebi abekhala ngayo, okuyinto esidale ukuthi abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bagxeke lesi senzo.

V

Abanye abantu bathi akulungile neze ukuhlekisa ngesimo somuntu  ngesikhathi eshonelwe, njengoba uNkosikazi kaScebi esanda kulahlekelwa umyeni wakhe.

Omunye umbono osabalale kakhulu uthi:

“We are in a generation efelwe unembeza. How come uhlekise ngesimo esinjena? Ukuba umfelokazi is not a joke. This woman has lost umyeni wakhe, i-pillar yakhe. Uzwa ubuhlungu.” 😭

Abanye bathi ukufa akuyona into okufanele kwenziwe ngayo amahlaya, bethi wonke umuntu kufanele akhumbule ukuthi usizi lungehlela noma ngubani.

“What goes around comes around,” kusho abanye, bexwayisa ngokuthi umuntu akufanele ahlekise ngobuhlungu bomunye umuntu ngoba naye angazithola esesimweni esifanayo ngelinye ilanga.

Kukhona nabanye abathi lesi senzo siyakhathaza ngoba kwenzeke ngesikhathi isizwe sisabhekene nosizi lokulahlekelwa uScebi Inkos’Yamagcokama Dlamini, kodwa sekukhona abantu abenza amahlaya ngezinyembezi zabashonelwe.

Abanye baze bathi kufanele abantu babuyele ekwesabeni nasekuhlonipheni uNkulunkulu, bethi “we honestly need God in this generation because we are out of hands.” 😢

Le video isiqhubekile nokudala imibono ehlukene, abanye begcizelela ukuthi ukwenza i-content akumele kufike ezingeni lokudelela umuntu ososizini.

Buka i-video yalo wesifazane esigabeni sokuphawula. 👇🏽


Buka ividiyo ngezansi: 👇
V

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana