Kuyaqondakala ukuthi owesilisa owabulawa ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa eVerulam, enyakatho yeTheku, wayefunwa ngecala lokubulala.
Wabanjwa ku-M27 Road eBuffelsdraai ngoLwesibili ebusuku.
Okhulumela i-SAPS yase-KZN uRobert Netshiunda uthi amaphoyisa athole ulwazi lokuthi umsolwa wayesuka eVerulam eya eNanda.
"Ulwazi lwasebenza. Lapho amaphoyisa ema futhi esondela kuye, umsolwa wadubula amaphoyisa kwabe sekulandela ukudubulana.
"Umsolwa wadutshulwa walimala kabi ngesikhathi kudutshulwana futhi akukho phoyisa elilimale."
Ngaleyo ntambama, kwadutshulwa nendoda yaseHowick.
Ukudubula kwashiya indoda ilimele, yaphuthunyiswa esibhedlela.
Lesi sigameko senzeke endaweni yokuhlala emijondolo yaseShiyabazali.
.jpeg)
Thumela amazwana