Ibhasi ligingqike ku-R33 ngaseMkhondo kwashona abantu abahlanu kwalimala abangaphezulu kuka-20.
Kushone abantu abahlanu ngesikhathi ibhasi ligingqika ku-R33 phakathi koMkhondo ne-Amsterdam namhlanje ntambama, ngomhlaka-1 kuZibandlela.
Abanye abayisithupha bathole imihuzuko emibi, kwathi abanye abangu-20 basinda benemihuzukwana.
Umshayeli, ongomunye wabalimele, kubikwa ukuthi uhlulekile ukulawula ibhasi nokuholele ekutheni ligingqike.
"Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze eMkhondo ngama-ambulensi ahlukene," kusho okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi, ukuPhepha nokuXhumana eMpumalanga uMoeti Mmusi.
Ukuqinisekisile ukuthi ibhasi lisuke eGoli nabagibeli abangu-65, kodwa abaningi behle ezitobhini ezahlukene kulo mzila. Ngenxa yalokhu, bekugibele abantu abangu-31 kuphela ngesikhathi sengozi.
"Ibhasi belingathwele abagibeli abangu-80 njengoba bekubikiwe phambilini," kuchaza uMmusi.
Uqhube wathi kusaphenywa ngembangela yengozi, kodwa kungenzeka ukuthi ubumanzi bemigwaqo bube nomthelela.
UNgqongqoshe uJackie Macie udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile waphinde wafisela abalimele ukululama okusheshayo.

Thumela amazwana