Kudutshulwe kwabulawa ugogo oneminyaka engu-61 ngesikhathi ehamba nomzulu wakhe oneminyaka engu-15 oThongathi.
Kudutshulwe kwabulawa isalukazi esineminyaka engu-61 ngesikhathi sihamba nomzukulu waso oneminyaka engu-15 endleleni yezinyawo eMagwaveni, oThongathi - KZN namhlanje ntambama (ngoMgqibelo).
Isakhamuzi sithinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ukuze sithole usizo cishe ngo-18:56. I-Reaction Officers kanye ne-RUSA Paramedics bathunyelwa ngokushesha endaweni yesigameko.
Ngokusho komzukulu, ugogo naye bangene emzileni omncane ngesikhathi kuqhamuka owesilisa obonakala elinde isalukazi. Umsolwa uveze isibhamu wadubula kabili, kwalimala ugogo esifubeni. Umzukulu ubaleke endaweni yesigameko ngesikhathi kuhlaselwa.
Umufi, ubesaphethe izimpahla zakhe ezibalulekile okukhomba ukuthi bekungasona isizathu sokubamba inkunzi. Umsolwa wabaleka ngokushesha ngemuva kokudubula.
Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa okwamanje.




Thumela amazwana