USASHAQEKILE umphakathi waseNkanjini, KwaHlabisa, kulandela isigameko sokutholakala kwesalulazi nomzukulu waso, beboshwe izandla, bebulelwe emzini waso.
Kubikwa ukuthi uNkz Philisiwe Mthabela (77) noMnu Bongumuzi Mthabela (30), batholwe ngamaphoyisa emzini wakhe benamanxeba okugwazwa emzimbeni ngoMsombuluko.
Ngokuthola komthombo, kuthiwa ukuze batholakale, kusize ilungu lomndeni elizinze eGoli, obese kuphele izinsuku lizama ukubashayela ucingo lingabatholi, labe selicela amaphoyisa akwaHlabisa ukuba ayobheka ukuthi kwenzekani. Kuthiwa amaphoyisa azithele phezu kwezidumbu zabo ziboshwe ngekhebuli.
Akucaci ukuthi ukubulawa kwalaba ngabe kuhlobene nani, kodwa zikhona izinsolo zokuthi bekubanjwa inkunzi.
Thumela amazwana