UMartha Moyo ugcine ebekwe endlini yakhe yokugcina eHammanskraal ngemuva kokutholakala ebulewe futhi eshisiwe emjondolo eKekana Gardens ngoLwesihlanu, zingu-24 kuMfumfu 2025.
UMartha Moyo, 19, ubekwe endlini yakhe yokugcina enkonzweni yomngcwabo ethinta inhliziyo ebibanjelwe eKekana Gardens eHammanskraal, eTshwane, ngoMgqibelo, 22 Novemba 2025.
Ungcwatshwe emathuneni aseKekana Gardens eHammanskraal. Abazili baduduze umndeni ngezwi likaNkulunkulu.
Umndeni ucele uMartha ukuba azilwele ethuneni.
Ugogo wakhe uMaria Mabusela uthe: "Ngicela into eyodwa kuwe, ngicela ubheke umuntu owakubulala. Ngiyakwethemba. Zilwele. Martha, awusekho kithi." Umkhulu kaMartha uWilson Mbewe uthe: “Sisezinhlungwini ezinkulu.”
UThembisile Maphosa owebandla le New Living Christian Church, owayengumfundisi kaMartha kuSonto sikolo umchaze njengomuntu owayemamatheka kakhulu..
Owayeyisekela likathishanhloko kaMartha eHammanskraal Secondary School, uMillicent Madileng, uthe: "UMartha wayenezinselelo ngokwemvelo. Bekulula kimina ukumqonda ngoba ngiphuma emndenini onabantwana abafana noMartha.
Yingakho sinalobu buhlobo obukhethekile. Ngangimqonda kangcono." Uthe wayemqonda ukwedlula bonke uthisha esikoleni.




Thumela amazwana