Uthishanhloko wesikole uboshelwe izinsolo zokudlwengula abafundi ebakhombe ngesibhamu

Uthishanhloko wesikole uboshelwe izinsolo zokudlwengula abafundi ebakhombe ngesibhamu. 

Uboshiwe uthishanhloko waseTsholo e-Eastern Cape ngezinsolo zokudlwengula abafundi besifazane ababili ebakhomba ngesibhamu ehostela. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uMalibongwe Mtima usiqinisekisile lesi sigameko. "Yebo, singakuqinisekisa ukuthi uthishanhloko uboshiwe njengoba sikhuluma nje, imininingwane yokuboshwa kwakhe iyaziwa nguMnyango njengoba siyithole namuhla enkantolo. Izingane zisekhaya ephephile futhi zithola ukwesekwa ngokwengqondo, zibhala nokuhlolwa kwazo." UMtimba uthi ithimba lodokotela bengqondo selithunyelwe esikoleni esikuTsolo.

 “Umsebenzi womnyango wokubheka amaqiniso wenziwa ngudokotela wezengqondo wesifundazwe kanye nosonhlalakahle ukuqinisekisa ukuthi umnyango uyaluthola uhlangothi lwawo odabeni.” Uthishanhloko uboshiwe kanti ubhekene namacala okuthumba, ukuzama ukubulala nokudlwengula, nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

 Uthishanhloko kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana