Isiguli sidlwengulwe iziguli ezimbili zesilisa egumbibi lokugezela ebusuku esibhedlela

 Isiguli  sidlwengulwe iziguli ezimbili zesilisa egumbibi lokugezela ebusuku esibhedlela 


Isiguli esibhedlela saseJubilee sibike ukuthi sidlwengulwe iziguli ezimbili zabesilisa ngesikhathi  ebusuku, okuveze ukukhathazeka okuphuthumayo mayelana nokuphepha nokugadwa ngaphakathi kwesikhungo sezempilo.

Uthi uphoqwe ukuba angene egumbini lokugezela engaphakathi ewadini, lapho abasolwa bebesebenzisa uvaselina ngaphambi kokushintshana ngokudlwengula ngesikhathi  iziguli zilele.

Lesi sigameko sishiye umphakathi udinwe ugane unwabu njengoba amalungu omndeni nezakhamuzi zifuna izimpendulo konogada nabasebenzi abahlengikazi abebesemsebenzini ngaleso sikhathi.


Post a Comment

Okushanyana Okudadlana