U-Director wama-Security ubanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni eDennilton

U-Director wama-Security ubanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni eDennilton. 


Umqondisi wenkampani yonogada, uMakopole Jones Mathunyane, 49, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMoutse ngomhlaka-3 Disemba 2025, ebhekene necala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UMathunyane waboshwa mhla zingu-2 kuZibandlela-2025 eMotsia Mall eDennilton ngamalungu ophiko loKlebe oluzinze ePolokwane oluphenya ngobugebengu obuhleliwe (SOCI), ngosizo lwePrivate Security Industry Regulatory Authority (PSIRA) kanye nophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) eLimpopo Provincial FLASH.

Ukuboshwa kwakhe kulandela ukuncinzwa indlebe ngenkampani yonogada okusolwa ukuthi isebenza ngezibhamu ezingekho emthethweni endaweni yaseDennilton.

Ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso ashaqe izibhamu ezimbili, i-pump-action shotgun kanye nezinhlamvu. Icala likaMathunyane lihlehliselwe umhla ziyisishagalombili-8 kuZibandlela-2025 ukuze afake isicelo sebheyili.





Post a Comment

Okushanyana Okudadlana