Kuboshwe owesilisa obulale isigebengu ebesizama ukugqekeza emzini wakhe e-Ermelo

Kuboshwe owesilisa obulale isigebengu ebesizama ukugqekeza emzini wakhe e-Ermelo Kubikwa ukuthi uboshiwe izolo emini uMnumzane Bheki Mabaso (63) ngemva kokubulala umlisa okusolwa ukuthi isigebengu ebesifuneka endaweni yase Orange Farm, eGoli kulandela ukuthi engene ngewindi lase bathroom emzini ka Mabaso. Isitatimende esibhalwe uBheki siveza ukuthi umufi uhlasele ngezithuba zo 2h30 wabulala ifastela lase bathroom wangena endlini. uMninimuzi ube esegijima emotweni wathatha ubhobhojane washaya lomlisa ekhanda . Ngemva kwalokho ube esebiza umphakathi me ambulance nokuyilapho abe ambulance bethole ukuthi akasekho emhlabeni umsolwa.
Esitatimendeni uBheki uveze ukuthi" bekumele kufe oyedwa ngoba ubalekile ngemva kokuba ngimshayile kodwa ngimlandelile ngamshaya sesiphandle. Ngiyazi ngenziphutha kodwa lomlisa ngimbone eyingozi bekungenzeka angibulale bese edlwengula indodakazi yami njengoba nonkosikazi esesibhedlela ngenxa yomdlavuza. " Amaphoyisa ambophile uBheki ngoba ekhala ngokuthi ubulele umuntu nokungafanele akwenze . Bekungafanele amqedelele kodwa bekumele ambophe bese ebiza amaphoyisa kuphetha abakwa sidlodlo .Kuthini okwakho ukuphawula.

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana