Kuthungathwa uSne Ndokweni Obaleke Ngemva Kokubulala Isoka Lakhe Ebeselimlobolile eMgungundlovu
Umphakathi wase-Zinketheni eMgungundlovu esifundazweni iKwaZulu-Natal ushaqekile ngemuva kwesehlakalo esibuhlungu esiholele ekuthei owesifazane, uSne Ndokweni, abaleke ngemva kokubulala isoka lakhe, uFannie, owayesemlobolile futhi besebethandane isikhathi eside.
Ubuhlobo Obude Buphele Ngodlame
Kuthiwa uFannie ubesethandana noSne isikhathi eside kwaze kwaba wumuntu aphila naye impilo yonke, waze wamlobola. Kodwa ubudlelwano babo bugcine ngokopha, ngesikhathi uSne ehlasela uFannie ekhaya.
Ingane Iye Yabaleka Ngokwehlisa Iwindi
Ngokusho kwabahlali, ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo, bekunengane ngaphakathi endlini. Ingane ibikwa ukuthi isizwe ukuphuma ngewindi yabaleka ngesikhathi izinto zingasahambi kahle phakathi kukaSne noFannie.
Owesifazane Ogcwele Amathafa
Kuyimanje uSne kuthiwa ugcwele amathafa,akaziwa ukuthi usebhacephi.
Amaphoyisa alindeleke ukuthi angenelele ngokuphelele njengoba sekuqale uphenyo nokuthungatha lowesifazane
Umphakathi Uthi Uvalo Lusezingeni Eliphezulu
Abanye abahlali bathi isimo sibashiya bebambe ongezansi.



Thumela amazwana