Ngingowesifazane ongaphansi kwengcindezi yemfihlo enzima, nginengane (2) nomngani womyeni wami.

Ngingowesifazane ongaphansi kwengcindezi yemfihlo enzima, nginengane eneminyaka emibili nomngani womyeni wami..

 Ngingowesifazane oneminyaka engu-38 ubudala waseMondlo eVryheid, KwaZulu-Natal. 

Ngishadile futhi nginendodana eneminyaka emibili ubudala. Engayithola ngaphandle nomngane womnyeni wami kodwa emnyeni wami akazi, wazi ukuthi ngeyakhe ingane. Abantu bangabona sengathi umshado wami unokuthula nokuzinza, kodwa ngaphakathi kimi kunesisindo engingasakwazi ukusiphatha.

 Umnyeni wami ungumshayeli wamaloli. Uhlala enqamula izifundazwe, ubuya kanye ngenyanga ekhaya kwesinye isikhathi kuyenzeka inyanga iphele engabuyile ngenxa yokuxinwa umsebenzi, futhi ngenxa yalokho siba nesikhathi esiningi sihlukene kodwa kakhulu sixoxa via WhatsApp or straight call. 

Ngiyamthanda umnyeni wami futhi ngiyamhlonipha, kodwa ngiyavuma ukuthi ukuhlala ngedwa isikhathi eside kwangenza ngaba buthaka ngangenela ubudlelwano obungafanele nomngane wakhe.

 Kwenzeka ukuthi ngangisondelana kakhulu nomngane wakhe, umuntu obengangitshela ukuthi uyayiqonda indlela engizizwa ngayo. Ubuhlobo bethu baba buhlungu ekugcineni futhi sangena ocansini. 

Kwathi lapho ngithola ukuthi ngikhulelwe, ingqondo yami yajika yagcwaliswa ukwesaba. Ngazitshela ukuthi umshado wami ngeke umelane nalokhu, futhi nginqamule Isivumelwano sothando lwami ngokuphelele. Ngakho nganquma ukuthi umnyeni wami angatshelwa ukuthi ingane ngeyakhe.

 Ngicele kuNkulunkulu ukuthi le mfihlo ingaphumi, kodwa isikhathi sishesha ukungibuyisela eqinisweni. Umngane womnyeni wami, lowo owaba uyise wengane, uyazi iqiniso. Uvele wathi ufuna ukuthi konke kuphume obala ngoba engasakwazi ukuziqinisa ethi ingane yakhe. 

 Lapho evula umlomo ngalokho, ngaba ne-stress . Ngazizwa ngikhungathekile, ngididekile futhi ngingazi ukuthi ngizokwenza kanjani. Ngaleso sikhathi ngaqala ukuzizwa nginesizungu esinzima, sengifikelwa imicabango yokuthi angisakwazi ukuphatha konke lokhu.

 Ngazizwa ngibalekelwa umqondo wokucindezeleka, ukwesaba nokuthi ngizolahlekelwa ngumuntu engimthandayo. 

 Kwesinye isikhathi ngiye ngibone sengathi kufanele ngifakele umyeni wami ushevu ngimbulale afe ukuze kuphele lokhu, kodwa unembeza wami uyangidla ngoba ngiyazi ukuthi yimina onephutha, hhayi umyeni wami.




 Noma kunjalo, ngaphakathi kimi kukhona izwi elincane elithi: “Ungalokothi wenze into ezokulimaza wena noma omunye. Ingane yakho idinga wena.” Ngiyazi ukuthi kuyiphutha elikhulu engalenza, kodwa futhi ngiyazi ukuthi ngisaphila, ngingaphenduka, futhi ngingathola usizo.

 Ngizithola sengicela usizo ngoba ngiyabona ukuthi lesi simo singangidonsa lapho kungekho buyekezo. 

 Namuhla ngibhala ngoba ngifuna ukwesekwa, ukwelulekwa nokuthola indlela ephephile yokubhekana nalokhu. Angisafuni ukuphila ngaphansi kwengcindezi yemfihlo engisongayo.

 Ngifuna ukuthola usizo olungangisiza ngikhulume ngeqiniso ngendlela ephephile futhi engalimazi mina, umnyeni wami, nengane yami. 

 Angikaze ngibe sesimweni esinzima kangaka empilweni, kodwa ngifunda ukuthi ngezinye izikhathi ukucela usizo akusona isibonakaliso sobuthakathaka kuwubufakazi bokuthi usafuna ukuphila ungcono.

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana