UJulian Peter ungowesifazane ongakaze aye esikhathini njengoba azalwa ngaphandle kwesitho sangasese.
UJulian Peter ungowesifazane waseKenya ongazalwanga ne (uterus) noma isitho sangasese (vagina), isimo esingavamile esibizwa ngokuthi Mayer-Rokitansky-Küster-Hauser syndrome (MRKH).
UJulian wabelane ngendaba yakhe no-Anne Ngugi we-BBC, echaza indlela aphila ngayo nalokhu okungavamile.
UJulian uthi: “Anginayo I-uterus , ngakho angikaze ngibe nezikhathi (periods). Lokhu kuyinto ejwayelekile engiyaziyo, angizizwa kabi ngalokhu.”
Le ndaba ikhombisa ukuthi abantu abaphila nezimo ezingavamile bangakwazi ukuphila impilo egcwele, banokuzethemba futhi bamukele isimo sabo. Ochwepheshe bathi ukusekelwa kwezokwelapha kanye nokwelulekwa kwengqondo kubalulekile kulabo abanezimo ezifana ne-MRKH ukuze bakwazi ukuphila impilo ejwayelekile ngangokunokwenzeka.
Ukuphila kukaJulian Peter kuyisifundo sokuthi ukuhlukahluka komzimba akufanele kube nomgoqo empilweni, futhi ukuqonda nokwamukela isimo sakho kungaholela empilweni egcwele nenjongo.


Thumela amazwana