Owesifazane Osemncane waseSakhile Uveza Ubudlelwano Obuyimfihlo Nomalume Wakhe



Owesifazane Osemncane waseSakhile Uveza Ubudlelwano Obuyimfihlo Nomalume Wakhe, Onguyise Wezingane Zakhe


Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala waseSakhile eStanderton, eMpumalanga, uveze iqiniso ngendaba yakhe eyimfihlo  yobudlelwano bakhe. Lo malume uyise wengane yakhe yentombazane eneminyaka emithathu kanye nengane ayikhulelwe manje yesibili.


Ekhuluma ngaphandle kokudalula igama lakhe, lo wesifazane uthi sekuyisikhathi sokuthi aveze iqiniso emndenini wakhe, naphezu kokwazi ukuthi kuzobanzima kakhulu.


“Ngiyamthanda umalume wami futhi angiziboni ngithandana nomunye umuntu,” kusho yena.


Uthe ubudlelwano babo buqale eseneminyaka engu-19 ubudala. Umndeni wakhe ukholelwa ukuthi uyise wengane yakhe yokuqala kwakuwumfana owamshiya esakhulelwe, kodwa yena uthi lokhu akulona iqiniso.


“Iqiniso liwukuthi ngakhuleliswa umalume wami, oneminyaka engu-45. Uhlale enginakekela ngokwezimali, futhi nanamuhla usaqhubeka nokungisekela. Ekugcineni, ngavuma ukuba nobudlelwano naye ngoba unakekela impilo yami futhi engi-spoila kakhulu,” kusho lo wesifazane.


Uthe umalume wakhe, ongusomabhizinisi endaweni, ubelokhu edlala indima enkulu empilweni yakhe ngokumnika imali nokumqinisekisa ukuthi uphila kahle. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kwaguquka kwaba ubudlelwano bocansi obuyimfihlo nobungapheli futhi she enjoys.


Lo wesifazane uveza ukuthi yena nomalume wakhe bavamise ukuhamba ezindaweni zama-BnB endaweni, lapho behlala khona bodwa. Uthi yena akakaze abe nobudlelwano bocansi nomunye umuntu wesilisa ngaphandle kwakhe umalume.


“Angithandani nomunye ngoba siyathandana. Futhi ngiyamthanda kakhulu. Ngibona sengathi singakha umuzi ndawonye ngoba uyise wengane yami,” kusho yena.


Umama wakhe ubelokhu embuza ukuthi ubaba wengane yakhe ngubani, kodwa yena uthi uhlale egwema le mibuzo ngoba umamakhe uyambhora, kuze kube manje uyayiziba nje.


“Sekungikhathele ukufihla. Ngifuna umndeni wami wazi iqiniso. Ngiyazi lizobahlukumeza, kodwa kufanele ngibatshele. Ngihlele ukukhipha iqiniso ngoDecember kuyo lenyanga, ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, lapho wonke umndeni uzobe uhlangene for a Christmas Table okuyinto ehlale yenzeka iminyaka yonke ekhaya,” kusho lo wesifazane.


Okuye omphusha ukuthi ekhulume yiqiniso ukuthi ukhulelwe ingane yesibili nomalume wakhe.


“Ngiyazi leliqiniso lizowulimaza kakhulu umndeni wami, kodwa njengoba besho, ‘the truth shall set you free’. Ngicela izeluleko, ukube beneseyicathulweni zami, yini ebeningayenza kulesisimo sami? Ngizolalela izimvo zenu ekhasini,” kusho lo wesifazane.


Njengoba kuzosondela uDecember, lo wesifazane uthi uzilungiselele ukwamukela imiphumela, emihle noma emibi, yokukhuluma iqiniso nomndeni wakhe okokuqala ngqa.


Kuthini ukuphawula kwakho ngalolu daba?

Post a Comment

Okushanyana Okudadlana