Umfundi (16) kaGrade 11,use (ICU) esibhedlela ngemuva kokugwazwa ngumfundi afunda naye
Umfundi (16) owenza uGrade 11, uKhutso Mvelase, ulwela impilo yakhe egunjini labagula kakhulu (ICU) esibhedlela esizimele ngemuva kokugwazwa amahlandla amane ngumfundi afunda naye esigamekweni sokuziphindiselela ngesihluku ngoMsombuluko ntambama.
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umsolwa oneminyaka engu-17, uSizwe Lubisi, osagcwele amathafa.
Imithombo esondelene nophenyo iveze ukuthi lesi sigameko sodlame sisukela ekuhilizisaneni ngeziqu zamehlo okwenzeke ngesonto eledlule ngesikhathi abafundi bebhala izivivinyo zokugcina zikamatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu eWitbank, eMpumalanga.
Ngokusho kozibonele kanye nabafundi afunda nabo, umgadi ubone uLubisi ekopisha izimpendulo wabe esebuza uMvelase ohlezi eduze. Ngesikhathi uMvelase eqala ephika ukuthi akaboni lutho, uthisha wasabisa ngokuthi uzomkhipha esikoleni. Engaphansi kwengcindezi, uMvelase uvumile ukuthi uLubisi ubekopela esebenzisa izimpendulo ezibhalwe ecwecweni lendlu yangasese, elivame ukubizwa ngokuthi “sijumbane”.
Waseshwa uLubisi, kwatholakala imibhalo efihliwe, wakhishwa ngokushesha endlini yokuhlolwa.
Afunda nabo bathi uLubisi waqala ukusabisa uMvelase “emzingela” ezinsukwini ezalandela. UMvelase, ochazwe njengomfana ozithulelayo, othanda ikhaya, obengajwayele ukuphuma esikoleni, kuthiwa ubezihlalela endlini ukuze agweme ukuxabana.
Kwenzeke usizi ngoMsombuluko ngesikhathi abangani bencenga uMvelase ukuthi aphume ekhaya kubo ukuze abaphelezele baye endaweni yokugunda izinwele. Kungaleso sikhathi lapho uLubisi kuthiwa wamqamekela wamgwaza amanxeba amane – kabili eduze kwenhliziyo, kanye emlenzeni, kanye eduze nendlebe yangakwesobunxele.
Unina kaMvelase owayekhungathekile, uMimi Mvelase, utshele izintatheli ngaphandle kwesibhedlela: "Sibonga uNkulunkulu indodana yami isaphila. Odokotela benza konke abangakwenza. Wangitshela okwenzeke esikoleni ngesonto eledlule, kodwa angizange ngicabange ukuthi kuzofika kulokhu. Ngigxile ekululameni kwayo kuphela. Okusele, umfowabo omdala uzokusingatha.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uColonel Donald Mdhluli, ukuqinisekisile ukuhlasela kanye nokuthungathwa komsolwa okuqhubekayo.
“Umsolwa uneminyaka engu-17 ubudala kodwa iminyaka ngeke simvikele emthethweni, sivakashele kubo (ngoMsombuluko) siyobopha kodwa ubengekho, sinxusa umndeni wakwaMvelase ukuthi wehlise umoya uvumele amaphoyisa enze umsebenzi wawo, ukuzibambela umthetho ngezandla kuzokwenza isimo sibe sibi kakhulu,” kusho uMdhluli.
Lesi sigameko sithuse umphakathi wase-Witbank futhi siphinde saphinde savusa nokukhathazeka ngodlame ezikoleni nasezindaweni ezizungezile. Amaphoyisa avule icala lokuzama ukubulala.
https://www.facebook.com/100064133557457/posts/pfbid0oa1Dh73vSQHkbYQj7dGgMGCXiwjyjTFNYvTnNCU4wJPA2g6Dd5Zf7eyTRMkorN4ql/?mibex90cb6Sw7


Thumela amazwana